UJobe 41:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ukuphefumula kwakhe kuphemba amalahle, nelangabi liphuma emlonyeni wakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukuphefumula kwakhe kokhela amalahle, nelangabi liphuma emlonyeni wakhe. IsiZulu 2020 Ukuphefumula kwayo kokhela amalahle, kuphuma ilangabi emlonyeni wayo. |
Ngokukhazimula okwakuphambi kwakhe, amafu akhe amakhulu adlula, isichotho namalahle omlilo.
Kwenyuka umusi emakhaleni akhe nomlilo emlonyeni wakhe wadla; amalahle abaswa ngakho.
Ngokuba iThofeti lamiswa kwasendulo; yebo, ilungiselelwe inkosi; wawenza wajula, waba mkhulu; inqwaba yakhe ingumlilo nezinkuni eziningi; umoya kaJehova njengomfula wesibabule uyawuthungela ngomlilo.
Utshani buyabuna, imbali iyabuna, ngokuba uMoya kaJehova uvunguza phezu kwabo; impela abantu bawutshani.