Kuhle yini kuwe ukuthi ucindezele, udelele umsebenzi wezandla zakho, ukhanye phezu kweseluleko sababi?
UJobe 40:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Niyakuchitha nokwahlulela kwami na? Uzangilahla yini, ukuze ulunge? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Imbala uyachitha ukwahlulela kwami, ungilahle ukuba ube ngolungileyo, na? IsiZulu 2020 Uyakuchitha yini ukwehlulela kwami, ungilahla ngecala ukuze wena ube ngolungileyo na? |
Kuhle yini kuwe ukuthi ucindezele, udelele umsebenzi wezandla zakho, ukhanye phezu kweseluleko sababi?
Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe.
Lwavutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarageli, umBushi, owesizwe sikaRamu; ulaka lwakhe lwamvuthela uJobe, ngokuba wayezilungisile kunoNkulunkulu.
Ngonile kuwe wedwa, ngenza okubi emehlweni akho, ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, ucace ekwahluleleni kwakho.
Ngokuba uJehova Sebawoti ukuhlosile, ngubani oyakuchitha na? nesandla sakhe seluliwe, ngubani ongasibuyisela emuva?
Futhi isivumelwano senu nokufa siyochithwa, futhi isivumelwano senu nesihogo ngeke sibe khona; uma isishayo esibi sidlula, niyakunyathelwa yiso.
Maye kulowo oxabana noMenzi wakhe! Izindengezi maziphikisana nezindengezi zomhlaba. Ubumba luthi kumbumbi walo: Wenzani na? noma umsebenzi wakho, Akanazandla na?
Makube njalo! njengokulotshiweyo ukuthi: Ukuze uthiwe ulungile emazwini akho, njalo unqobe ekwahlulelweni kwakho.
Bazalwane, ngikhuluma ngokwabantu; Noma kuyisivumelwano somuntu, nokho siqinisekiswa, akakho ongasichithayo nonganezela kuso.
Ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa ngaphambili nguNkulunkulu kuKristu, umthetho owaba khona emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awunakuchithwa, ukuze usenze ize isithembiso.
Ngokuba umthetho owandulelayo uyachithwa ngenxa yobuthakathaka nokungasizi kwawo.