UJobe 39:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uhamba esigodini, uthokoze ngamandla akhe; ahambe ayohlangabeza amadoda ahlomile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Liyaphanda ezigodini, liyesasa ngamandla alo, liyaphuma ukuhlangana nezimpi. IsiZulu 2020 Liphanda esigodini, liyathokoza ngamandla alo, liyaphuma libhekane ngqo nempi. |
onjengomyeni ephuma ekamelweni lakhe futhi ejabula njengendoda enamandla ukugijima umncintiswano.
Ngalalela ngezwa, kodwa abazange bakhulume kahle; akakho owaphenduka ebubini bakhe wathi: Ngenzeni na? yilowo nalowo waphendukela endleleni yakhe, njengoba ihhashi lingena emncintiswaneni.
Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, nonamandla makangazigabisi ngamandla akhe, nocebileyo makangazibongi ngenotho yakhe.
UmFilisti waqalaza, wabona uDavide, wameyisa, ngokuba engumfana ebomvana, emuhle ebusweni.