Ngokuba inkosi yayinemikhumbi yaseTharishishi olwandle kanye nemikhumbi kaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu imikhumbi yaseTharishishi yafika iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezinkawu, namapigogo.
UJobe 39:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Unike amaphigogo amaphiko amahle na? noma izimpiko nezimpaphe zentshe? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Amaphiko entshe ayaphaphaza, kepha angamakhombe nezimpaphe zothando na? IsiZulu 2020 “Intshe iphaphazela kamnandi ngamaphiko, kodwa ngabe yizimpaphe namaphiko othando na? |
Ngokuba inkosi yayinemikhumbi yaseTharishishi olwandle kanye nemikhumbi kaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu imikhumbi yaseTharishishi yafika iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezinkawu, namapigogo.
Ngokuba imikhumbi yenkosi yahamba nezinceku zikaHiramu kuya eTharishishi; njalo ngeminyaka emithathu imikhumbi yaseTharishishi yafika iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezinkawu, namapigogo.
Uzakholwa yiyo ukuthi izaletha inhlanyelo yakho ekhaya, iyibuthele esiphaleni sakho?
Lapho izinyoni zakha khona izidleke zazo, nonogolantethe, imisayipuresi iyikhaya lakhe.
Yebo, unogolantethe ezulwini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiwe; nehobhe nenkonjane kuyasigcina isikhathi sokufika kwazo; kepha abantu bami abawazi ukwahlulela kukaJehova.
Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwaphuma abesifazane ababili, umoya usemaphikweni abo; ngoba babenamaphiko njengamaphiko kanogolantethe, baliphakamisa i-efa phakathi komhlaba nezulu.