UJobe 39:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uyasazi yini isikhathi lapho izimbuzi zasendle zizala khona na? noma ungakwazi ukumaka lapho indluzelekazi ithola amathole? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Uyazi yini isikhathi sokuzala kwamagogo, uqaphela ukuzala kwezindluzelekazi, na? IsiZulu 2020 “Uyasazi yini isikhathi sokuzala kwezimbuzi zezintaba na? Uke ukuqaphele yini ukuzala kwezindluzelekazi na? |
Izwi likaJehova lizalanisa izindluzelekazi, amahlathi abonakaliswe, nasethempelini lakhe, kube yilowo nalowo ngenkazimulo yakhe.
USawule wayesethatha amadoda ayizinkulungwane ezintathu akhethiweyo kuye wonke u-Israyeli, wahamba wayofuna uDavide namadoda akhe emadwaleni ezimbuzi zasendle.