nazo zonke izidalwa eziphilayo ezikini, izinyoni, nezinkomo, nezilwane zonke zomhlaba ezikanye nani; kubo bonke abaphuma emkhunjini, kuzo zonke izilwane zomhlaba.
UJobe 38:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wayesemphendula uJobe esesivunguzaneni, wathi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, ethi: IsiZulu 2020 USimakade wayesemphendula uJobe esesivunguvungwini, wathi: |
nazo zonke izidalwa eziphilayo ezikini, izinyoni, nezinkomo, nezilwane zonke zomhlaba ezikanye nani; kubo bonke abaphuma emkhunjini, kuzo zonke izilwane zomhlaba.
Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaJehova.” Bheka, uJehova wadlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaJehova; kepha uJehova wayengekho kulowo moya, emva komoya ukuzamazama komhlaba; kepha uJehova wayengekho ekuzamazameni komhlaba.
Kwathi uJehova esenyusele u-Eliya ezulwini ngesivunguvungu, u-Eliya wahamba no-Elisha besuka eGiligali.
Kwathi besakhuluma, kwabonakala inqola yomlilo namahhashi omlilo, kwabadabula bobabili; u-Eliya wenyukela ezulwini ngesivunguvungu.
Kodwa o, uma uNkulunkulu engakhuluma futhi avule izindebe zakhe ngokumelene nawe;
Ngabona, bheka, kwavela umoya oyisivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu nomlilo ulisibekela, nokukhanya nxazonke zalo, nokuvela kulo okunjengombala wenhlaka, kuvela phakathi komlilo.
UJehova uyabekezela, unamandla amakhulu; akayikumyeka ababi abe msulwa; UJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni, namafu awuthuli lwezinyawo zakhe.