Kuhle yini kuwe ukuthi ucindezele, udelele umsebenzi wezandla zakho, ukhanye phezu kweseluleko sababi?
UJobe 36:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, uNkulunkulu unamandla, akadeleli muntu; Unamandla amakhulu nokuhlakanipha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Bheka, uNkulunkulu unamandla, kepha kadeleli muntu; mkhulu emandleni okuqonda. IsiZulu 2020 “Bheka, uNkulunkulu unamandla, kodwa akukho muntu ambukela phansi, mkhulu emandleni okuqonda. |
Kuhle yini kuwe ukuthi ucindezele, udelele umsebenzi wezandla zakho, ukhanye phezu kweseluleko sababi?
Uma ngilidelele ilungelo lenceku yami noma lencekukazi yami lapho bexabana nami;
Uma simthinta uSomandla, asinakumfumana: mkhulu ngamandla, nangokwahlulela, nobuningi bokulunga; Ngeke acindezele.
Lanxa uJehova ephakeme, uyababona abathobekileyo, kodwa abazigqajayo uyabazi ekhatshana.
Ngokuba akadelelanga, akanengwanga ukuhlupheka kwabadabukileyo; futhi akamfihlelanga ubuso bakhe; kodwa lapho embiza, wezwa.
Amandla enkosi nawo athanda ukwahlulela; Wena umisa ukulunga, wenza ukwahlulela nokulunga kwaJakobe.
Wenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, waleneka izulu ngecebo lakhe.
Umkhulu ngesiluleko, unamandla emsebenzini, ngokuba amehlo akho avulekile kuzo zonke izindlela zabantwana babantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengokwezithelo zezenzo zakhe.