UJobe 34:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uyabashaya njengababi phambi kwamehlo omuntu; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyabashaya njengababi endaweni lapho bebonwa khona, IsiZulu 2020 Uyabashaya njengezikhohlakali kubona bonke abantu, |
UJehova uyamhlola olungileyo, kepha omubi nabathanda ubudlwangudlwangu bayawuzonda umphefumulo wakhe.
Ukhuzile abezizwe, wababhubhisa ababi, igama labo walesula kuze kube phakade naphakade.
Ngakho uJehova wakhulula u-Israyeli ngalolo suku esandleni sabaseGibhithe; u-Israyeli wabona abaseGibithe befile ogwini lolwandle.
Ukubhujiswa kwabaphambukayo nezoni kuyakuba kanyekanye, nabamshiyayo uJehova baphele.
Bayakuphuma babone izidumbu zamadoda aphambuke kimi; ngoba impethu yabo kayiyikufa, lomlilo wabo kawuyikucitsha; bayakuba yisinengiso kuyo yonke inyama.
Bayoshisa izindlu zakho ngomlilo, bakwenzele izijeziso phambi kwamehlo abesifazane abaningi; futhi ngiyokwenza ukuba uyeke ubufebe, futhi ungase ungabe usanikeza inkokhelo.
Bonke abantu bomuzi wakubo bayakumkhanda ngamatshe, afe; khona-ke kumelwe ususe ububi ngaphansi kwakho; wonke u-Israyeli uyakuzwa, esabe.
Izono zabanye zisobala, zibandulela ukuya ekwahlulelweni; labanye bayabalandela.
Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo.