INkosi uNkulunkulu yabumba umuntu ngothuli lomhlaba, yaphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.
UJobe 33:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 UMoya kaNkulunkulu wangenza, lokuphefumula kukaSomandla kwangiphilisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umoya kaNkulunkulu ungenzile, nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila. IsiZulu 2020 UMoya kaNkulunkulu ungenzile, nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila. |
INkosi uNkulunkulu yabumba umuntu ngothuli lomhlaba, yaphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.
Kuhle yini kuwe ukuthi ucindezele, udelele umsebenzi wezandla zakho, ukhanye phezu kweseluleko sababi?
Osesandleni sakhe umphefumulo wezidalwa zonke eziphilayo kanye lomoya wabo bonke abantu.
Kodwa kukhona umoya kumuntu, futhi ukuphefumula kukaSomandla kubanikeza ukuqonda.
Ngezwi likaJehova izulu lenziwa; nalo lonke ibandla lawo ngomoya womlomo wakhe.
Usho kanje uNkulunkulu uJehova, owadala, oweneka izulu; owendlala umhlaba nokuphuma kuwo; onika abantu abakulo ukuphefumula, nabahamba kulo umoya;
Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila kuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nokufa.
Kanjalo kulotshiwe ukuthi: Umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; uAdamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.