Inkosi uRehobowamu yacebisana namadoda amadala ayemi phambi kukaSolomoni uyise esekhona, yathi: “Ningalulekana ngani ukuba ngiphendule laba bantu na?
UJobe 32:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngathi: Izinsuku mazikhulume, iminyaka eminingi iyakufundisa ukuhlakanipha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngathi: ‘Makukhulume izinsuku, ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.’ IsiZulu 2020 Ngathi: ‘Makukhulume asebenezinsuku, abaneminyaka eminingi mabafundise ngokuhlakanipha.’ |
Inkosi uRehobowamu yacebisana namadoda amadala ayemi phambi kukaSolomoni uyise esekhona, yathi: “Ningalulekana ngani ukuba ngiphendule laba bantu na?
Abantu abakhulu abahlakaniphile ngaso sonke isikhathi, nabadala abakuqondi ukwahlulela.
Ngokuba nakuba benifanele ukuba ngabafundisi, kuze kube manje, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zamazwi kaNkulunkulu; seniba njengabadinga ubisi, hhayi okokudla okuqinileyo.