UJobe 32:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, isisu sami sinjengewayini elingenawo umoya; selilungele ukuqhuma njengamabhodlela amasha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo; kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha. IsiZulu 2020 Bhekani, isisu sami sifana newayini elingakavulwa, njengezimvaba zewayini ezintsha, zilungele ukuqhuma. |
Ngase ngithi: “Angisayikumkhuluma, angisayikukhuluma egameni lakhe.” Kepha izwi lakhe lalinjengomlilo ovuthayo ovalelwe emathanjeni ami enhliziyweni yami;
Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova; ngikhathele ukuzibamba; ngiyakuthululela phezu kwabantwana bangaphandle naphezu kwenhlangano yezinsizwa kanyekanye;
Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na? iNkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?
Kanjalo kabatheli iwayini elitsha ezimvabeni ezindala; funa izimvaba ziyaphuka, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale;