UJobe 30:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho ngilindele okuhle, ububi bangehlela; kwathi ngilindele ukukhanya, kwafika ubumnyama. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho ngabheka okuhle, kwafika okubi; ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama. IsiZulu 2020 Lapho ngilindele okuhle, kwafika okubi, ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama. |
Ukukhanya kuyakuba mnyama etendeni lakhe, nesibani sakhe siyakucinywa kanye naye.
Ngokuba anginqunywanga phambi kobumnyama, futhi akasibekelanga ubumnyama ebusweni bami.
Ngase ngithi: Ngizafela esidlekeni sami, ngandise izinsuku zami zibe njengetshebetshebe.
Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova, olalela izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, kungekho ukukhanya, na? makathembele eGameni likaJehova futhi ahlale kuNkulunkulu wakhe.
Ngakho umthetho ukude nathi, nokulunga akusifumani; sidinga ukukhanya, kodwa sihamba ebumnyameni.
Umlahlile ngokuphelele uJuda? umphefumulo wakho wawuzonda iSiyoni na? usishayeleni, singekho ukuphulukiswa na? besilindele ukuthula, kepha akukho okuhle; nesikhathi sokuphulukiswa, futhi bheka, usizi!
Kungani ubuhlungu bami buhlala njalo, nenxeba lami lingelapheki, lenqaba ukuphulukiswa, na? uzakuba njengomqambimanga ngokupheleleyo nanjengamanzi axakileyo kimi?
Besilindele ukuthula, kodwa akufikanga okuhle; futhi okwesikhathi sempilo, futhi bheka, kukhona usizi!
Ngokuba abakhileyo eMaroti babelindele okuhle, kepha okubi behla bevela kuJehova beza esangweni laseJerusalema.