UJobe 30:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uyangiphakamisela emoyeni; Ungivumele ngigibele phezu kwayo futhi ngihlakaze impahla yami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyangiphakamisela emoyeni, ungikhwelisa kuwo, wenze ukuba ngincibilike ngokuhlokoma kwesivunguvungu. IsiZulu 2020 Ungiphakamisele emoyeni, wangikhweza kuwo, wangiphonsa le nale ngokuhlokoma kwesivunguvungu. |
Umoya wasempumalanga uyamthatha, amuke, njengesivunguvungu simdudula endaweni yakhe.
Ngenxa yolaka lwakho nentukuthelo yakho, ngokuba wangiphakamisa wangiphonsa phansi.
obeka phansi imishayo yamakamelo akhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba phezu kwamaphiko omoya;
Izizwe ziyobhonga njengokuhlokoma kwamanzi amaningi, kodwa uNkulunkulu uyozisola, futhi ziyobalekela kude futhi zixoshwe njengamakhoba ezintabeni phambi komoya nanjengokuhenguza phambi kwesiphepho.
Kumelwe uyishise ngomlilo ingxenye yesithathu phakathi komuzi, lapho izinsuku zokuvinjezelwa seziphelile; uthathe ingxenye yesithathu, uyishaye ngommese, nengxenye yesithathu uyihlakaze emoyeni.
Ngakho bayakuba njengefu lokusa, nanjengamazolo asekuseni adlula, namakhoba apheshulwa esibuyeni, nanjengomusi ophuma kushimula.