UJobe 30:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bayanengwa yimi, babalekela kude nami, abayekeli ukungikhafulela ebusweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bayanengwa yimi, bemi kude nami; abayeki ukungikhafulela ngamathe. IsiZulu 2020 Bayangenyanya, bamela kude nami, abayeki ukungikhafulela ngamathe. |
Ubasusile kude nami abangazi bami; Ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngikhiyiwe angikwazi ukuphuma.
Bonke abafowabo bompofu bayamzonda; kakhulu kangakanani abangani bakhe baqhela kuye? uyabazingela ngamazwi, kodwa bayamehlula.
Ngiwunike umhlane wami ekushayweni, nezihlathi zami kulabo abaklebhula izinwele; angibufihlanga ubuso bami ehlazweni nasekukhafuleni.
Ngabulala abelusi abathathu ngenyanga eyodwa; umphefumulo wami wanengwa yizo, zanengwa nami.
UJehova wathi kuMose: “Uma uyise ubemkhafulele ebusweni nje, ubengayikujabha izinsuku eziyisikhombisa na? makakhishwe ekamu izinsuku eziyisikhombisa, abuye angeniswe.
Kepha konke lokhu kwenzeka ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi. Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.
Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla.
Khona umkamfowabo uyakufika kuye phambi kwamalunga, akhumule isicathulo sakhe onyaweni lwakhe, amkhafulele ebusweni, aphendule athi: Kuyakwenziwa kanjalo kulowo muntu osendlini yomfowabo.