Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJobe 30:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

Bayanengwa yimi, babalekela kude nami, abayekeli ukungikhafulela ebusweni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bayanengwa yimi, bemi kude nami; abayeki ukungikhafulela ngamathe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Bayangenyanya, bamela kude nami, abayeki ukungikhafulela ngamathe.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJobe 30:10
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wangenza inhlekisa kubantu; nangaphambi kokuba ngibe njengesigubhu.


Bonke abangani bami bangizonda, nalabo engangibathanda bangijikela.


Ngakho ngiyazenyanya futhi ngiyazisola othulini nasemlotheni.


Ubasusile kude nami abangazi bami; Ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngikhiyiwe angikwazi ukuphuma.


Bonke abafowabo bompofu bayamzonda; kakhulu kangakanani abangani bakhe baqhela kuye? uyabazingela ngamazwi, kodwa bayamehlula.


Ngiwunike umhlane wami ekushayweni, nezihlathi zami kulabo abaklebhula izinwele; angibufihlanga ubuso bami ehlazweni nasekukhafuleni.


Unika isihlathi sakhe komshayayo; ugcwele ihlazo.


Zonke izitha zethu zisivulele imilomo yazo.


Ngabulala abelusi abathathu ngenyanga eyodwa; umphefumulo wami wanengwa yizo, zanengwa nami.


UJehova wathi kuMose: “Uma uyise ubemkhafulele ebusweni nje, ubengayikujabha izinsuku eziyisikhombisa na? makakhishwe ekamu izinsuku eziyisikhombisa, abuye angeniswe.


Kepha konke lokhu kwenzeka ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi. Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.


Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla.


Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda.


Khona umkamfowabo uyakufika kuye phambi kwamalunga, akhumule isicathulo sakhe onyaweni lwakhe, amkhafulele ebusweni, aphendule athi: Kuyakwenziwa kanjalo kulowo muntu osendlini yomfowabo.