Ngokuba into ebengesaba kakhulu ingifikele, nalokho ebengikwesaba sekufike kimi.
ngokuba engikwesabayo sekuyangifikela, nenginovalo ngakho sekuyangehlela.
Ngehlelwa yilokho engikwesabayo, nalokho enginovalo ngakho kuyangehlela.
Kwathi seziphelile izinsuku zedili lawo, uJobe wathumela wawangcwelisa, wavuka ekuseni, wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo wonke; ngokuba uJobe wathi: “Kungenzeka ukuthi amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo; Ngakho uJobe waqhubeka enza kanjalo.
Ingebhe ingifikele, baxosha umphefumulo wami njengomoya, nokudlula kwami njengefu.
Lapho ngilindele okuhle, ububi bangehlela; kwathi ngilindele ukukhanya, kwafika ubumnyama.
Ngokuba ukubhujiswa kukaNkulunkulu kwaba yingebhe kimi, futhi ngenxa yokuphakama kwakhe angikwazanga ukukubekezelela.
Ngesaba zonke izinsizi zami, ngiyazi ukuthi awuyikungiphatha ngimsulwa.
Naniyesaba inkemba; ngiyakwehlisela inkemba phezu kwenu, isho iNkosi uJehova.