ngabe nginjengokungathi kangisiye; Kumelwe ukuba ngathwalwa ngisuka esibelethweni sikanina ngayiswa ethuneni.
UJobe 3:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Noma bengingaba khona njengozalo olufihlwayo; njengezingane ezingakaze zikubone ukukhanya kwemini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE noma ngangingekho njengokuphuphumileyo okuthukusiweyo, njengezingane ezingazange zibone ukukhanya. IsiZulu 2020 noma kungani ngingagcwatshwanga njengokuphuphumileyo nanjengombungu ongalibonanga ilanga? |
ngabe nginjengokungathi kangisiye; Kumelwe ukuba ngathwalwa ngisuka esibelethweni sikanina ngayiswa ethuneni.
Njengomnenke oncibilika, yilowo nalowo makadlule njengokuzala kowesifazane, ukuze bangaliboni ilanga.
Izimbiza zenu zingakawezwa ameva, iyakuwasusa kungathi ngesivunguvungu, iphila nangokufutheka kwayo.
Yebo, ungcono kunabo bobabili abangakabi khona, abangabonanga umsebenzi omubi owenziwa phansi kwelanga.
Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, aphile iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, nomphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa; Ngithi, ukuzalwa okungakafiki kuhle kunaye.
Ekugcineni kwabo bonke wabonwa nakimi, njengakuwo owazalwa kungakabi yisikhathi.