UJobe 29:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izikhulu zenqaba ukukhuluma, zabeka izandla zazo emlonyeni wazo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE izikhulu zayeka ukukhuluma, zabeka izandla emilonyeni yazo; IsiZulu 2020 izikhulu ziyeke ukukhuluma, zibeke izandla zazo emilonyeni, |
Uma sizama ukukhuluma nawe, ingabe uzodabuka? kodwa ngubani ongazibamba ekukhulumeni?
Bhekani, ngikhohlakele; ngizokuphendula ngithini? Ngizobeka isandla sami emlonyeni wami.
Ngakho-ke angiyikubamba umlomo wami; Ngiyakukhuluma ekuhluphekeni komoya wami; ngiyakukhononda ngomunyu womphefumulo wami.
Uma wenze ngobuwula ngokuziphakamisa, noma ucebe okubi, beka isandla emlonyeni wakho.
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, wonke umuntu makasheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela;
Bathi kuye: “Thula, ubeke isandla sakho emlonyeni wakho, uhambe nathi, ube ngubaba nompristi wethu; kungcono yini kuwe ukuba ube ngumpristi wendlu yomuntu oyedwa, noma ube ngumpristi wesizwe nesizukulwane sakwa-Israyeli na?