UJobe 28:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu uyayazi indlela yabo, futhi uyayazi indawo yabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu uyaqonda indlela yakho; yena uyazi indawo yakho. IsiZulu 2020 UNkulunkulu uyayiqonda indlela yakho, uyayazi indawo yakho. |
Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla emandleni; ngubani owazenza lukhuni kuye, waba nempumelelo?
Umthetho kaJehova uphelele, uvuselela umphefumulo; ubufakazi bukaJehova buqinisile, buhlakaniphisa abangenalwazi.
Ngokuba uJehova uyapha ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqondisisa.
Zonke izinto zinikelwe kimi nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uBaba; kakho futhi omaziyo uYise, ngaphandle kweNdodana, njalo loba ngubani iNdodana ethanda ukumambulela kuye.
Yeka ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka ukuthi aziphenyeki kanjani izahlulelo zakhe, nezindlela zakhe aziphenyeki!
Kodwa kuye lina likuKristu Jesu, owenziwe kithi ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu, lokulunga, lokungcweliswa, lokuhlengwa;
KuNkulunkulu yedwa ohlakaniphileyo, uMsindisi wethu, makube inkazimulo nobukhosi, nobukhosi, namandla, manje naphakade. Amen.