UJobe 26:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uhlanganisa amanzi emayezini akhe; nefu alihlukani phansi kwazo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ubopha amanzi emafwini akhe; ifu alidabuki phansi kwawo. IsiZulu 2020 Ubopha amanzi emafini akhe, ifu alidabuki phansi kwawo. |
Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha na? noma ngubani ongathulula amagabha asezulwini,
Wenza inkungu ikhuphuke emikhawulweni yomhlaba; wenzela imvula imibani; ukhipha umoya engcebeni yakhe.
Osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni.
Ubani owenyukela ezulwini noma owehla na? ngubani owabutha umoya ngezandla zakhe na? ngubani owabophela amanzi engutsheni na? ngubani omise imikhawulo yonke yomhlaba? Ngubani igama lakhe, futhi ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi?
Futhi ngiyakuwuchitha: awuyikuthenwa, noma umbiwe; kodwa kuyakumila ikhakhasi nameva. Ngiyakuyala namafu ukuba anganisi phezu kwawo.
Lapho ezwakalisa izwi lakhe, kukhona inqwaba yamanzi ezulwini, futhi ubangela ukuba inkungu ikhuphuke emikhawulweni yomhlaba; wenza umbani nemvula, akhiphe umoya engcebweni yakhe.