UJobe 26:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe, nokubhujiswa akunasimbozo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe, nendawo yokubhubha ayinasisibekelo. IsiZulu 2020 Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe, asikho isembozo sendawo yokubhubha. |
Ngokuba manje ngabe ngilele ngithule, ngabe ngilele; ukube ngangizolile ngaleso sikhathi,
Ngoba kungumlilo odla kuze kube sekubhujisweni futhi oyoqeda yonke imikhiqizo yami.
Uma ngithi: Impela, ubumnyama buyangisibekela; nobusuku buyakuba ngukukhanya phezu kwami.
Lapho ngikhuphukela ezulwini, ulapho; lapho ngendlala umbhede wami esihogweni, bheka, Ukhona.
Uyafuna ukwenza izimangaliso kwabafileyo na? abafileyo bayakuvuka, bakudumise na? Sela.
Indawo yabafileyo nencithakalo kuphambi kukaJehova; kakhulu kangakanani kunezinhliziyo zabantwana babantu?
Isihogo esingaphansi silungiselelwe wena ukuba sikuhlangabeze ekufikeni kwakho; kwabangela ukuba wonke amakhosi ezizwe aphakame ezihlalweni zawo zobukhosi.
Wembula okujulileyo nokufihliweyo: uyakwazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlala kuye.
Noma bemba endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubathatha; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.
Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.
Zazinenkosi phezu kwazo, ingelosi yakwalasha, egama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi uApoliyoni.