UJobe 25:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Pho umuntu angalungisiswa kanjani nguNkulunkulu? Ozelwe ngowesifazane angaba msulwa kanjani na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na? IsiZulu 2020 Pho umuntu angaba kanjani ngolungileyo kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane, abe ngohlanzekileyo na? |
Ngiyazi ukuthi lokhu kuyiqiniso; kodwa umuntu angalunga kanjani phambi kukaNkulunkulu na?
Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba phambi kwakho akukho muntu ophilayo oyakulungisiswa.
Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo endlini kaDavide nabakhileyo eJerusalema, wesono nowokungcola.
Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu;
Babenjalo abanye kini, kepha senagezwa, senangcweliswa, senalungisiswa egameni leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.
Esasihamba phakathi kwabo sonke ezikhathini ezidlule ngezinkanuko zenyama yethu, sifeza izinkanuko zenyama nezengqondo; futhi ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabanye.
Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile, ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.