UJobe 23:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa yena ungqondonye, ngubani ongambuyisa? nalokho umphefumulo wakhe okufisayo, uyakwenza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kodwa uyinto inye, ngubani ongambuyisa na? Okufisayo umphefumulo wakhe, lokho uyakwenza. IsiZulu 2020 “Yena akaguquki, ngubani ongamguqula na? Wenza lokhu okufiswa ngumphefumulo wakhe. |
Angibuyanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi omlomo wakhe ngawenza ngaphezu kokudla kwami.
Uma ethula, ubani ongabanga inkathazo na? uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? noma kwenziwa esizweni noma kumuntu yedwa;
Konke uJehova akuthandayo wakwenza ezulwini nasemhlabeni, olwandle nasezikhukhuleni zonke zezwe.
Ngiyazi ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungalethwa kukho futhi akukho okuthathwe kukho; futhi uNkulunkulu uyakwenza lokhu, ukuze abantu bamesabe.
ngimemezele isiphetho kwasekuqaleni nasendulo izinto ezingakenziwa, nithi: Isiluleko sami siyakuma, ngenze yonke intando yami;
Ubiza inyoni yasempumalanga, umuntu ezweni elikude ofeza icebo lami; yebo, ngikukhulumile, ngizokwenza futhi; Bengikuhlosile, nami ngizokwenza.
Futhi bonke abakhileyo emhlabeni babhekwa njengento engelutho; futhi wenza njengentando yakhe ebandleni lasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongabamba isandla sakhe, athi kuye: ‘Wenzani na?’
Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.