Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJobe 22:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

Okhatheleyo awumnikanga amanzi okuphuza, nabalambileyo ubagodle isinkwa.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Awumphuzisanga owomileyo amanzi, wamgodlela olambileyo ukudla.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Awumphuzisanga amanzi okhatheleyo, awumnikanga ukudla olambileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJobe 22:7
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uma nginqanda abampofu ekufisweni kwabo, noma ngafiphalisa amehlo omfelokazi;


Noma ngidle ucezu lwami ngedwa, intandane ayidlanga kuso;


Ukube abantu betende lami bebengashongo ukuthi: ‘O, ukube besinayo inyama yakhe! angeke saneliseke.


Wahlakaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyophakama ngodumo.


Ohawukela ompofu uboleka uJehova; lalokho amnike khona uzakumbuyisela khona.


Futhi uma welulela umphefumulo wakho kolambileyo futhi usuthise umphefumulo ocindezelweyo; khona ukukhanya kwakho kuyakuvela ebumnyameni, nobumnyama bakho bube njengemini enkulu.


Akukhona yini ukunika olambileyo isinkwa sakho nokuletha abampofu abaxoshwa endlini yakho na? uma ubona onqunu, umembese; nokuthi ungazifihli enyameni yakho?


futhi ocindezelweyo, ongagodlanga isibambiso, akaphanga ngamandla, kepha wanika olambileyo isinkwa sakhe, wembesa onqunu ngengubo,


futhi engacindezeli muntu, kodwa wabuyisela isibambiso koweletayo, engaphanga muntu ngokuphoqa, wanika olambileyo isinkwa sakhe, wembathisa onqunu ngengubo;


Ngokuba ngangilambile, kepha aninginikanga ukudla;


Ngakho-ke uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho uyakubuthela amalahle omlilo ekhanda laso.