Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lathi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho, nomvuzo wakho mkhulu kakhulu;
UJobe 22:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yebo, uSomandla uyakuba yinqaba yakho, ube nensada yesiliva. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USomandla uyakuba yigugu lakho, nesiliva elikhazimulayo kuwe, IsiZulu 2020 uSomandla uyakuba yigolide lakho nesiliva elikhazimulayo kuwe. |
Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lathi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho, nomvuzo wakho mkhulu kakhulu;
Khona-ke kumelwe ulahle igolide njengothuli negolide lase-Ofiri njengamatshe emithombo.
Ngokuba lapho uyakuphakamisela injabulo yakho kuSomandla nobuso bakho kuNkulunkulu.
UJehova uyidwala lami nenqaba yami nomsindisi wami; uNkulunkulu wami, inqaba yami, engimethembayo; isihlangu sami nophondo lwensindiso yami nombhoshongo wami ophakeme.
Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; Akayikubagodlela okuhle abahamba ngobuqotho.
Ukuhlakanipha nokwazi kuyakuba-ngukuqina kwezikhathi zakho namandla ensindiso; ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.
Ningesabi; ngoba mina nginani; ningethuki; ngoba nginguNkulunkulu wenu; Ngizokuqinisa; yebo, ngizokusiza; yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
Pho siyakuthini ngalezi zinto na? Uma uNkulunkulu engakithi, ngubani ongamelana nathi na?
njengabadabukileyo, kodwa abahlezi bethokoza; njengabampofu, kepha senza abaningi bacebe; njengabangenalutho, kanti sinezinto zonke.
Lalelani, bazalwane bami abathandekayo: UNkulunkulu kabakhethanga yini abampofu balumhlaba ukuba bacebe ekukholweni, lezindlalifa zombuso awuthembisayo abamthandayo?