UJobe 21:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Mina-ke, ukukhala kwami kumuntu na? futhi uma kunjalo, umoya wami ubungethuki ngani na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Mina-ke, ukukhala kwami kungomuntu na? Ngingekhathazeke na? IsiZulu 2020 “Ngabe ukukhononda kwami kungomuntu yini na? Kungani umphefumulo wami ungebekezele na? |
Ayini amandla ami, ukuba ngithembele na? futhi siyini isiphetho sami, ukuze ngelule ukuphila kwami?
Umkhuleko wosizi lapho ecindezelekile ethulula ukukhononda kwakhe phambi kukaJehova. Yizwa umkhuleko wami, Jehova, ukukhala kwami kufike kuwe.
Kungani udangale, mphefumulo wami? nikhathazekeleni kimi na? uthembele kuNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa oyimpiliso yobuso bami noNkulunkulu wami.
UMose wakhuluma kanje kubantwana bakwa-Israyeli, kepha abamlalelanga uMose ngenxa yobuhlungu bomoya nangenxa yobugqila obunzima.
Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.
Ungabheki incekukazi yakho njengendodakazi kaBheliyali, ngokuba ngobuningi bokukhononda nosizi lwami ngikhulumile kuze kube manje.