Bheka, akabethembi abangcwele bakhe; yebo, izulu alihlanzekile phambi kwamehlo akhe.
UJobe 21:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ingabe ukhona ozofundisa uNkulunkulu ulwazi? kuyilapho Yena ehlulela labo abaphakemeyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu uyakufundiswa ukwazi, yena owahlulela abaphakemeyo, na? IsiZulu 2020 Ukhona yini ongafundisa uNkulunkulu ukwazi, Yena owehlulela abaphakemeyo na? |
Bheka, akabethembi abangcwele bakhe; yebo, izulu alihlanzekile phambi kwamehlo akhe.
Ngokuba unanzuzoni emva kwakhe endlini yakhe, uma inani lezinyanga zakhe linqunywa phakathi na?
Ngubani osifundisa ngaphezu kwezilwane zomhlaba nosenza sihlakaniphe kunezinyoni zezulu na?
Bhinca izinkalo zakho njengendoda; ngoba ngiyakubuza kuwe, njalo uzangiphendula.
Ihubo lika-Asafa. UNkulunkulu umi emhlanganweni wamaqhawe; uyahlulela phakathi kwawonkulunkulu.
Uma ubona ukucindezelwa kompofu nokuhlanekezelwa komthetho nokulunga ezweni, ungamangali ngaleyo ndaba, ngokuba ophakeme kunomkhulu kunaye, kukhona ophakeme kunabo.
Maye kulowo oxabana noMenzi wakhe! Izindengezi maziphikisana nezindengezi zomhlaba. Ubumba luthi kumbumbi walo: Wenzani na? noma umsebenzi wakho, Akanazandla na?
Ngoba ngubani owama emkhandlwini weNkosi, wabona, wezwa ilizwi lakhe? ngubani obonile izwi lakhe, walizwa na?
Ngokuba ngubani owazi umqondo weNkosi ukuba ayifundise na? Kodwa thina sinomqondo kaKristu.
Anazi yini ukuthi siyakwahlulela izingelosi na? kakhulu kangakanani izinto zalokhu kuphila?
Ngokuba uma uNkulunkulu engaziyekanga izingelosi ezonayo, kepha waziphonsa esihogweni, wazinikela emaketangeni obumnyama, zigcinelwe ukwahlulelwa;
Nezingelosi ezingagcinanga isikhundla sazo sokuqala, kepha zashiya ikhaya lazo, uzigcinile ngamaketanga aphakade phansi kobumnyama kuze kube ngukwahlulelwa kosuku olukhulu.