UJobe 20:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho esesuthisa isisu sakhe, uNkulunkulu uzathululela phezu kwakhe ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe ngesikhathi esidla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe, uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe esekudleni. IsiZulu 2020 UNkulunkulu uyakugcwalisa isisu sakhe ngezinhlupheko, anise ukuvutha kwentukuthelo yakhe phezu kwakhe. |
Kodwa inyama yakhe iguqukile ezibilinini zakhe, iyinyongo yamabululu phakathi kwakhe.
Unisa phezu kwababi izihibe, umlilo, nesibabule, nesiphepho esinamandla; lokhu kuyakuba yisabelo sendebe yabo.
UMose wayeselula intonga yakhe ezulwini, uJehova wathumela ukuduma nesichotho, nomlilo wehlela emhlabeni; uJehova wanisa isichotho phezu kwezwe laseGibithe.
Inhliziyo yami yabhoboza, ukwesaba kwangethusa; ubusuku bentokozo yami baphenduka bangesaba.
Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe-yisililo, nazo zonke izingoma zenu zibe isililo; ngiyakwenza ukuba kukhuphuke indwangu yesaka ezinkalweni zonke nempandla emakhanda onke; ngiyakukwenza kube njengesililo sendodana eyodwa, nokuphela kwakho kube njengosuku olubabayo.
Uma ningalaleli, futhi uma ningakubekeli enhliziyweni ukunika igama lami udumo, usho uJehova Sebawoti, ngiyakuthuma phezu kwenu isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu; yebo, sengikwenzile. Waziqalekisa, ngokuba awukubeki enhliziyweni.
Uzakuthi ebantwini: Zingcweliseni kusasa, lizakudla inyama; ngoba nakhala phambi kukaJehova, lathi: Ngubani ozasipha inyama sidle? ngoba kwakusihambela kuhle eGibhithe; ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nidle.
Inyama isaphakathi kwamazinyo abo, ingakahlafunwa, intukuthelo kaJehova yavuthela abantu, uJehova wabashaya abantu ngokushaywa okukhulu kakhulu.