UJobe 20:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Amathambo akhe agcwele isono sobusha bakhe, esizolala naye othulini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amathambo akhe agcwele ubusha, kepha buyakulala phansi kanye naye othulini. IsiZulu 2020 Amathambo akhe ayogcwala ugqozi lobusha, kodwa ayolala othulini kanye naye. |
Ithambo lami linamathele esikhumbeni sami nasenyameni yami, futhi ngasinda ngesikhumba samazinyo ami.
Ungakhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngicabange ngokomusa wakho ngenxa yomusa wakho, Jehova.
Ekungcoleni kwenu kukhona ihlazo; ngoba ngikuhlambulule, ungahlanjululwanga, kawusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho, ngize ngehlisele ulaka lwami phezu kwakho.
Futhi ngeke babe nobudlelwane nabanamandla abawa kwabangasokile abehlele ezansi esihogweni nezikhali zabo zempi; babeke izinkemba zabo phansi kwamakhanda abo, kepha ububi babo buyakuba phezu kwamathambo abo, nakuba babesaba abanamandla ezweni labaphilayo.
Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiyahamba, niyakungifuna, nifele ezonweni zenu;
Ngakho ngathi kini: Niya kufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, niyakufela ezonweni zenu.
Ukuze athathe ingxenye yalenkonzo lobupostoli, uJudasi aphambuka kukho, ukuze aye endaweni yakhe.