Uyokhuleka kuNkulunkulu, futhi uyojabula ngaye; futhi uyobona ubuso bakhe ngokujabula, ngoba uyobuyisela umuntu ubulungisa bakhe.
UJobe 19:27 - Contemporary Zulu Bible 2024 Mina ngokwami ngizambona, lamehlo ami azambona, kungabi omunye; noma izinso zami ziphelile phakathi kwami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE engiyakumbona uqobo lwami; amehlo ami ayakumbona, kungabi njengomfokazi; okuphakathi kwami kuyaphela esifubeni sami. IsiZulu 2020 Ngiyakumbona mina uqobo lwami, amehlo ami ayakumbona, hhayi njengomfokazi, umphefumulo wami uqhilika injabulo uma ngicabanga ngalokho. |
Uyokhuleka kuNkulunkulu, futhi uyojabula ngaye; futhi uyobona ubuso bakhe ngokujabula, ngoba uyobuyisela umuntu ubulungisa bakhe.
CAPH. Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho, kepha ngethemba izwi lakho.
Mina-ke, ngizabubona ubuso bakho ekulungeni; Ngiyokwaneliswa ekuvukeni kwami, ngomfanekiso wakho.
Inyama yami nenhliziyo yami kuyaphela, kepha uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
Abafileyo benu bayakuphila, kanye nezidumbu zami bayovuka. Vukani nihlabelele nina enihlala othulini, ngokuba amazolo enu anjengamazolo emifino, umhlaba ukhiphe abafileyo.
Ngiyakumbona, kodwa hhayi manje; Ngiyakumbona, kodwa hhayi eduze; kuyakuvela inkanyezi kuJakobe, nentonga yobukhosi iyakwenyuka kwa-Israyeli, ishaye imikhawulo yakwaMowabi, nabo bonke abantwana bakwaSheti.