Kepha manje yelula isandla sakho, uthinte konke anakho, uyakukuthuka ebusweni bakho.
UJobe 19:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngihawukele, ngihawukele, bangane bami! ngoba isandla sikaNkulunkulu singithintile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangane bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singithintile. IsiZulu 2020 Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangani bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singishayile. |
Kepha manje yelula isandla sakho, uthinte konke anakho, uyakukuthuka ebusweni bakho.
Kepha wathi kuye: “Ukhuluma njengokukhuluma kwabesifazane abayiziwula.” Ini? siyakwamukela okuhle esandleni sikaNkulunkulu, singamukeli okubi na? Kukho konke lokhu uJobe akonanga ngomlomo wakhe.
Kepha manje yelula isandla sakho, uthinte emathanjeni akhe nasenyameni yakhe, uyakukuthuka ebusweni bakho.
Kulowo ohluphekayo, ububele bumelwe kuboniswa kumngane wakhe; kodwa uyakulahla ukumesaba uSomandla.
Ngokuba imicibisholo kaSomandla iphakathi kwami, okuphuza umoya wami okubuhlungu; izesabiso zikaNkulunkulu zingihlelele.
Manje bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho, uyakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga isikhathi. Kwahle kwehlelwa yinkungu nobumnyama phezu kwakhe; wasezulazula efuna abangamhola ngesandla.
Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; noma kuhlonishwe isitho sinye, athokoze amalungu onke kanye nalo.
Khumbulani ababoshiweyo ngokungathi niboshiwe kanye nabo; nabaphathwa kabi, njengokuba nani nisemzimbeni.
Ubungahlala yini labo baze bakhule? ungakujabulela ukuba namadoda? Cha, madodakazi ami; ngoba kubuhlungu kakhulu kimi ngenxa yenu ukuthi isandla sikaJehova siphumele phezu kwami.