Izwe lobumnyama, njengobumnyama uqobo; nethunzi lokufa, kungekho simiso, nalapho ukukhanya kunjengobumnyama.
UJobe 18:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakuxoshwa ekukhanyeni ayiswe ebumnyameni, axoshwe ezweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakukhishwa ekukhanyeni, aqhutshelwe ebumnyameni, axoshwe ezweni. IsiZulu 2020 Siyakuxoshwa ekukhanyeni, siyiswe ebumnyameni, sixoshwe emhlabeni. |
Izwe lobumnyama, njengobumnyama uqobo; nethunzi lokufa, kungekho simiso, nalapho ukukhanya kunjengobumnyama.
Ubumnyama bonke buyocasha ezindaweni zabo zokucasha; umlilo ongabasiwe uyakumqeda; kuyoba kubi kosala etendeni lakhe.
Uyakundiza amuke njengephupho, angafunyanwa; yebo, uyoxoshwa njengobuso bobusuku.
Umoya wasempumalanga uyamthatha, amuke, njengesivunguvungu simdudula endaweni yakhe.
Uyakuphenduka nokuphenduka ngobudlova, akuphonse njengebhola ezweni elibanzi, ufele khona, izinqola zenkazimulo yakho zibe yihlazo lendlu yenkosi yakho.
Ngalelo hora kwenzeka indaba ngoNebukadinesari, waxoshwa kubantu, wadla utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe waba manzi ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe njengezimpaphe zokhozi, nezinzipho zakhe njengezinyoni ’izidladla.
Futhi waxoshwa phakathi kwabantwana babantu; inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, nokuhlala kwakhe nezimbongolo zasendle; waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke uyabusa embusweni wabantu, nokuthi umisa phezu kwawo lowo athanda ukummisa.
amagagasi olwandle abilayo, ekhihliza amahlazo awo; izinkanyezi ezidukayo, ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama kuze kube phakade.
Uzalinda inyawo zabangcwele bakhe, lababi bazathuliswa ebumnyameni; ngoba ngamandla kakho ozanqoba.