Kodwa ezinsukwini zakho kangiyikukwenza lokhu ngenxa kayihlo uDavida; kodwa ngiyakuwuhlwitha esandleni sendodana yakho.
UJobe 17:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Okhulumela abangani bakhe izinto ezithophayo, amehlo abantwana bakhe ayafiphala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ochaka abangane bakhe ngenxa yesabelo, amehlo abantwana bakhe ayakufiphala. IsiZulu 2020 Okhaphela abangani bakhe ngenxa yesabelo; amehlo abantwana bakhe ayakufiphala. |
Kodwa ezinsukwini zakho kangiyikukwenza lokhu ngenxa kayihlo uDavida; kodwa ngiyakuwuhlwitha esandleni sendodana yakho.
Kodwa amehlo ababi azafiphala, njalo kabayikuphunyuka, lethemba labo lizakuba njengokuphiwa umoya.
Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.
Ohambahamba ehleba uyembula izimfihlakalo; ngakho-ke ungaphambanisi nalowo othophayo ngezindebe zakhe.
Kepha thina, amehlo ethu asalokhu ephelile ukubheka usizo lwethu oluyize; ngokuqapha kwethu sibheke isizwe esingeke sisisindise.
Ungahlebi phakathi kwabantu bakini, ungamelani legazi lomakhelwane wakho; nginguJehova.
Futhi phakathi kwalezi zizwe ngeke nithole ukuphumula, namathe ezinyawo zenu ngeke abe nokuphumula; kepha uJehova uyakukunika lapho inhliziyo ethuthumelayo, namehlo aphela amandla, nokudabuka kwenhliziyo.
Ngokuba asizange sibe namazwi athophayo, njengokuba nazi, noma sifihle ukuhaha; UNkulunkulu ungufakazi: