UJobe 17:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izinsuku zami ziphelile, amacebo ami aphukile, yebo, imicabango yenhliziyo yami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Imihla yami isidlulile, amasu ami anqunyiwe kanye nemicabango yami yenhliziyo. IsiZulu 2020 Izinsuku zami seziphelile, amasu ami asechithiwe, nezifiso zenhliziyo yami. |
Inhliziyo yomuntu iceba indlela yakhe, kepha uJehova uqondisa izinyathelo zakhe.
Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho; ngoba akukho msebenzi, nacebo, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.
Ngathi ekujuleni kwezinsuku zami: Ngizakuya emasangweni eHayidese; ngiphangiwe insali yeminyaka yami.
Celanani icebo, kepha liyachitheka; khulumani izwi, kodwa aliyikuba, ngokuba uNkulunkulu unathi.
Kepha angithandi ukuba ningazi, bazalwane, ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, ngavinjwa kuze kube manje, ukuze ngibe nesithelo naphakathi kwenu, nanjengakwabanye abezizwe.