UZedekhiya indodana kaKhenana wasesondela, wamtshaya uMika esihlathini, wathi: UMoya we Nkosi uhambe ngayiphi indlela esuka kimi ukuyakhuluma kuwe?
UJobe 16:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bangikhamisela imilomo yabo; bangishaya ngehlazo esihlathini; bangibuthanela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bangikhamisela imilomo yabo, bangimukula esihlathini ngenhlamba, bangihlanganyela. IsiZulu 2020 Bangikhamisela imilomo, bengiklolodela, bangishaya esihlathini, bengigcona, bayangihlanganyela. |
UZedekhiya indodana kaKhenana wasesondela, wamtshaya uMika esihlathini, wathi: UMoya we Nkosi uhambe ngayiphi indlela esuka kimi ukuyakhuluma kuwe?
UZedekhiya indodana kaKhenana wasesondela, wamtshaya uMikha esihlathini, wathi: UMoya weNkosi usuke kimi ngayiphi indlela ukuyakhuluma kuwe?
Ngakwesokunene sami umfana uyasukuma; basunduza izinyawo zami, bangimisele izindlela zabo zokubhubhisa.
Ngithululiwe njengamanzi, namathambo ami onke ahlangene; inhliziyo yami injengengcina; kuncibilike phakathi kwamathumbu ami.
Vuka, Jehova; ngisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba uzishaye zonke izitha zami emhlathini; Uwaphulile amazinyo ababi.
Kodwa ebunzimeni bami bajabula futhi babuthana ndawonye; bangidwengula futhi abazange bame.
Yebo, bangikhamisela kakhulu imilomo yabo, bathi: “Ashila, ashila, iso lethu libonile!
Ngiwunike umhlane wami ekushayweni, nezihlathi zami kulabo abaklebhula izinwele; angibufihlanga ubuso bami ehlazweni nasekukhafuleni.
Zonke izitha zakho zikuvulele imilomo yazo; bashaya ikhwelo bagedle amazinyo; bathi: Sayidla; impela lolu wusuku ebesilulindile; sayithola, sayibona.
Khathesi buthanani ngamaviyo, ndodakazi yamabandla; Wasivimbezela; bayoshaya umahluleli ka-Israyeli esihlathini ngodondolo.
Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla.
Esetshilo lokho, omunye wabancedisi ababemi khona wamtshaya uJesu ngentende, wathi: “Uphendula njalo umpristi omkhulu na?
Umpristi omkhulu u-Ananiya wayala ababemi eduze kwakhe ukuba bamshaye emlonyeni.
Ngokuba isibili uHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli babuthana ndawonye ngokumelene neNdodana yakho engcwele uJesu owamgcobayo;
Ngokuba niyakubekezelela, uma umuntu enenza izigqila, uma umuntu enidla, uma umuntu ethatha kini, uma eziphakamisa, uma umuntu enishaya ebusweni.