UJobe 15:34 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba umhlangano wabazenzisi uyakuba yihlane, nomlilo uqede amatende okufumbathisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ibandla labangenaNkulunkulu liyakuba yinyumba, umlilo uqede amatende abathengwa ngemivuzo. IsiZulu 2020 Ngokuba umshungu wabangenabunkulunkulu uyinyumba, nomlilo uqothula amathende athengwa ngokufunjathiswa. |
Amathende abaphangi ayaphumelela, labo abaklolodela uNkulunkulu bavikelekile; okugcwele esandleni sabo uNkulunkulu.
Kayikusuka ebumnyameni; ilangabi liyomisa amagatsha akhe, futhi ngomoya womlomo wakhe uyomuka.
Lizahlala ethenteni lakhe, ngoba lingesilo elakhe; isibabule siyofafazwa phezu kwendlu yakhe.
Ngoba liyini ithemba lomzenzisi, lanxa ezuza, uba uNkulunkulu esusa umphefumulo wakhe?
Zinjalo izindlela zabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu; nethemba lomzenzisi liyoshabalala.
Abakuzondayo bayokwembathiswa ihlazo; futhi indawo yokuhlala yababi iyochithwa.
Umuntu omuhle ubhubhile emhlabeni, abekho oqotho phakathi kwabantu; bonke bafuna igazi; bazingela, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.
Iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.
Bhekani, ngilapha; fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe izinkomo zikabani na? noma ngithathe imbongolo kabani? kumbe ngikhohlise bani? ngicindezele bani? Ngemukele esandleni sikabani isifumbathiso ukuba ngiphuphuthekise amehlo ami ngaso na? futhi ngizokubuyisela kuwe.
Amadodana akhe awahambanga ngezindlela zakhe, kepha aphambukela ekuzuzeni inzuzo, amukela isifumbathiso, aphendukezela isahlulelo.