Esakhuluma nabo, kwafika isithunywa kuye, sathi: “Bheka, lobu bubi buvela kuJehova; ngisalindeni uJehova na?
UJobe 15:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Akakholwa ukuthi uyobuya ebumnyameni, futhi ulindelwe ngenkemba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Akethembi ukuthi uyakubuya ebumnyameni; uyalindelwa yinkemba. IsiZulu 2020 Akethembi ukuthi uyobuya ebumnyameni, ulindelwe yinkemba. |
Esakhuluma nabo, kwafika isithunywa kuye, sathi: “Bheka, lobu bubi buvela kuJehova; ngisalindeni uJehova na?
Wazulazula efuna isinkwa, wathi: “Kuphi na?” uyazi ukuthi usuku lobumnyama selusondele esandleni sakhe.
Kayikusuka ebumnyameni; ilangabi liyomisa amagatsha akhe, futhi ngomoya womlomo wakhe uyomuka.
Yesabani inkemba, ngoba ulaka luletha isijeziso senkemba, ukuze lazi ukuthi kukhona isahlulelo.
Uma abantwana bakhe banda, kungenxa yenkemba, nenzalo yakhe ayiyikusutha isinkwa.
Ayini amandla ami, ukuba ngithembele na? futhi siyini isiphetho sami, ukuze ngelule ukuphila kwami?