Kithi kukhona izimpunga namaxhegu, amadala kunoyihlo.
Kithina kukhona izimpunga namakhehla amadala kunoyihlo.
Izimpunga, nabamnkantshubomvu abadala kunoyihlo bangakithi.
Kwabadala kukhona ukuhlakanipha; nangobude bezinsuku ukuqonda.
Uyasusa inkulumo yabathembekileyo, futhi ususa ukuqonda kwabadala.
Impunga ingumqhele wenkazimulo lapho itholakala endleleni yokulunga.
Inkemba evela ngaphandle nokwesaba okuvela ngaphakathi kuyobhubhisa insizwa kanye nentombi, nosane kanye nendoda esempunga.
Khumbulani izinsuku zasendulo, nibheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane; buza uyihlo, uzakukutshela; abadala bakho, futhi bayokutshela.