UJobe 14:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Suka kuye, ukuze aphumule, aze aqede usuku lwakhe njengomqashwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ungambheki, aphumule, ukuze athokoze ngosuku lwakhe njengomqashwa. IsiZulu 2020 Bheka kude naye, uke umyeke, aze athokoze osukwini lwakhe, njengomqashwa. |
Ngokuba kukhona ithemba ngomuthi, uma ugawulwa, ukuthi uyakubuye uhlume, nokuthi igatsha lawo elithambile aliyikunqamuka.
Koze kube nini ningasuki kimi, ningangivumeli ukuba ngime ngize ngigwinye amathe ami na?
Ngiyekeleni, ukuze ngithole amandla ngaphambi kokuba ngisuke lapha, ngingabe ngisaba khona.
Kepha manje uJehova wakhuluma wathi: “Phakathi neminyaka emithathu njengeminyaka yomqashwa, udumo lukaMowabi luya kudelelwa, kanye naso sonke isixuku esikhulu; futhi insali iyoba yincane kakhulu futhi ibe buthakathaka.