UNkulunkulu wamkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezazinaye emkhunjini;
UJobe 14:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 O, ukube ubufuna ukungifihla endaweni yabafileyo, ungithukuse kuze kuphele intukuthelo yakho, ungibekele isikhathi esimisiweyo, ungikhumbule! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule. IsiZulu 2020 Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule. |
UNkulunkulu wamkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezazinaye emkhunjini;
Uma umuntu efa, uyobuye aphile? zonke izinsuku zesikhathi sami esimisiwe ngiyakulinda kuze kufike ukuguqulwa kwami.
Njengalokhu ifu liyanyamalala futhi linyamalale, kanjalo owehlela eHayidesi kayikubuya enyuke.
Ngikhumbule, Jehova, ngokwentando yakho enhle kubantu bakho; ngihambele ngensindiso yakho;
Ngokuba uJehova uyakudabula ukuba anqobe abaseGibithe; uma ebona igazi embundwini ongaphezulu nasezinsikeni zombili zomnyango, uJehova uyakudlula ngasemnyango, angamvumeli umchithi ukuba angene ezindlini zenu ukuba anihlule.
Ngalolosuku uyakuthi: Jehova, ngiyakukubonga; nakuba wawungithukuthelele, intukuthelo yakho yaphenduka futhi wangiduduza.
Kepha lolo suku nalelo hora akakho owaziyo ngalo, nazingelosi ezisezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.
Wathi kubo: “Akusikhona okwenu ukwazi izikhathi nezinkathi uBaba azimise ngamandla akhe.
Ngokuba umisile usuku, ayokwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngalowo muntu ammisile; enike bonke isiqinisekiso ngokumvusa kwabafileyo.