Ngathi enkohlakalweni: Wena ungubaba; empethuni: Wena ungumama wami nodadewethu.
UJobe 13:28 - Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi uyadla njengento ebolile, njengengubo edliwe yinundu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE noma nginyamalala njengokubolayo, njengengubo edliwe yizinundu. IsiZulu 2020 Ngiyaphela njengobolayo, nanjengengubo edliwa ngubuvunya.” |
Ngathi enkohlakalweni: Wena ungubaba; empethuni: Wena ungumama wami nodadewethu.
USathane wayesesuka ebusweni bukaJehova, wamshaya uJobe ngamathumba, kusukela ematheni ezinyawo zakhe kuze kufike okhakhayini.
Kakhulu kangakanani ngalabo abahlala ezindlini zodaka, abazisekelo zabo zisothulini, abachotshozwayo phambi kwenundu?
Inyama yami yembeswe izimpethu nezigaxa zothuli; isikhumba sami siphukile futhi siyisinengiso.
Lapho usola umuntu ngobubi, ubuhle bakhe buqedwa njengenundu; isibili wonke umuntu uyize. Sela.
Yizwa, Jehova, umkhuleko wami, ulalele ukukhala kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe nomfokazi njengabo bonke obaba.
Bheka, iNkosi uJehova iyangisiza; ngubani ongangahlulela na? bheka, bonke bayakuguga njengengubo; inundu lizabadla libaqede.
Kangabi njengomuntu ofileyo onyama yakhe idlile ekuphumeni kwakhe esizalweni sikanina.