Kepha nami nginakho ukuqonda njengani; Angincinyane kunani; yebo, ngubani ongazazi izinto ezinjalo?
UJobe 13:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Enikwaziyo, nami ngiyakwazi: Angiphansi kini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Enikwaziyo ngiyakwazi nami; angahlulwa yinina. IsiZulu 2020 Enikwaziyo nami ngiyakwazi, aningedluli ngalutho. |
Kepha nami nginakho ukuqonda njengani; Angincinyane kunani; yebo, ngubani ongazazi izinto ezinjalo?
Kwathi ngemva kokuba uJehova esekhulume lawa mazwi kuJobe, uJehova wathi ku-Elifazi umThemani: “Intukuthelo yami ikuvuthele wena nabangane bakho ababili, ngoba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.
Sengibe yisiwula ngokuzibonga; ningiphoqile nina, ngokuba mina bekufanele ukuba nginconywe yinina, ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abakhulu kunabo bonke, noma ngingelutho.