UNkulunkulu wenza imikhomo emikhulu nazo zonke izidalwa eziphilayo ezihambayo, amanzi akhiqiza ngobuningi ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
UJobe 12:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa manje buza izilwane, futhi zizokufundisa; nezinyoni zezulu, ziyakukutshela; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha mawubuze izinkomo, ziyakukufundisa, nezinyoni zezulu, ziyakukutshela. IsiZulu 2020 Kepha ake ubuze izilwane, zizokufundisa, nezinyoni zezulu, ukuze zikutshele. |
UNkulunkulu wenza imikhomo emikhulu nazo zonke izidalwa eziphilayo ezihambayo, amanzi akhiqiza ngobuningi ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
UNkulunkulu wazenza izilwane zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezinkomo ngezinhlobo zazo, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
Amathende abaphangi ayaphumelela, labo abaklolodela uNkulunkulu bavikelekile; okugcwele esandleni sabo uNkulunkulu.
Kukhona izinto ezine eziyingcosana emhlabeni, kodwa zihlakaniphe ngokwedlulele:
Inkabi iyamazi umniniyo, nembongolo iyamazi umkhombe womnumzane wayo, kepha u-Israyeli akazi, abantu bami abalaleli.
Yebo, unogolantethe ezulwini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiwe; nehobhe nenkonjane kuyasigcina isikhathi sokufika kwazo; kepha abantu bami abawazi ukwahlulela kukaJehova.
Ngokuba okungabonwayo kwakhe, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, kuqondakala ngezenzo zakhe; ukuze bangabi lezaba;