Nginjengomuntu oyinhlekisa kumakhelwane wakhe, obiza uNkulunkulu, amphendule; olungileyo oqotho uyahlekwa.
UJobe 12:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Olungele ukushelela ngezinyawo unjengesibani esidelelekile engqondweni yabanokuthula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emcabangweni wohlezi kahle ingozi iyadeleleka; kulungiselwe abazinyawo zabo zishelela. IsiZulu 2020 Labo abahleli kahle bayibukela phansi ingozi, ilungiselelwe abanezinyawo ezishelelayo. |
Nginjengomuntu oyinhlekisa kumakhelwane wakhe, obiza uNkulunkulu, amphendule; olungileyo oqotho uyahlekwa.
Amathende abaphangi ayaphumelela, labo abaklolodela uNkulunkulu bavikelekile; okugcwele esandleni sabo uNkulunkulu.
Nami bengiyakukhuluma njengani; uma umphefumulo wenu ubusendaweni yomphefumulo wami, bengiyakuqoqa amazwi ngani, nginikine ikhanda lami kini.
Imbongolo yasendle ikhala lapho inotshani na? Izinkomo zihlale phezu kwefolishi?
Mnikeni inkazimulo uJehova uNkulunkulu wenu, ngaphambi kokuba enze ubumnyama, futhi ngaphambi kokuba izinyawo zenu zikhubeke ezintabeni zobumnyama, futhi lapho nifuna ukukhanya, yena akuphendule ithunzi lokufa akwenze kube mnyama.
Eziyiziwula zasezisithi kwezihlakaniphileyo: Sipheni emafutheni enu; ngoba izibane zethu zicima.
Ngizakuthi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, ulempahla enengi ebekelelwe iminyaka eminengi; khululeka, udle, uphuze, ujabule.
Impindiselo nokuphindisela kungokwami; unyawo lwabo luyokhubeka ngesikhathi esifanele, ngoba usuku lwenhlekelele yabo luseduze, futhi izinto ezibehlelayo ziyashesha.