UJobe 12:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uhola izikhulu eziphangiwe, agumbuqele abanamandla; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umukisa abapristi bephangiwe, aphenule abemiyo njalo. IsiZulu 2020 Ugodukisa abaphristi bengenalutho, athele phansi othulini izikhulu. |
Bazofa ngokuphazima kweso, futhi abantu bayothuthumela phakathi kobusuku futhi badlule, futhi amaqhawe ayothathwa ngaphandle kwesandla.
Uyochoboza amadoda anamandla ngaphandle kokubalwa, amise abanye esikhundleni sabo.
Usho kanje uJehova kogcotshiweyo wakhe, kuKoresi, osandla sakhe sokunene ngisibambile, ukuba ngehlisele izizwe phambi kwakhe; futhi ngiyothukulula izinkalo zamakhosi ukuze ngivule amasango amabili phambi kwayo; namasango awayikuvalwa;
Kwathi sebewakhiphele lawo makhosi kuJoshuwa, uJoshuwa wabiza wonke amadoda akwa-Israyeli, wathi kuzo izinduna zempi ezazihamba naye: “Sondelani, nibeke izinyawo zenu ezintanyeni zalawa makhosi. Basondela, babeka izinyawo zabo entanyeni yabo.
UJoshuwa wawathatha wonke la makhosi nezwe lawo kanyekanye, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wayewalwela u-Israyeli.
Laba bayakulwa neWundlu, kepha iWundlu liyakubanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi, neNkosi yamakhosi;