UJobe 10:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izinsuku zakho zinjengezinsuku zomuntu na? iminyaka yakho injengezinsuku zomuntu, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Imihla yakho injengemihla yomuntu na? Neminyaka yakho injengezinsuku zabantu na? IsiZulu 2020 Imihla yakho injengemihla yomuntu na? Neminyaka yakho injengezinsuku zabantu na? |
Bhekani, uNkulunkulu mkhulu, kepha asimazi, nenani leminyaka yakhe alinakulandelwa.
Kepha wena Jehova uyakuba khona kuze kube phakade; nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.
Futhi njengesambatho uyakuzisonga, futhi ziyakuguqulwa; kepha wena unjalo, neminyaka yakho ayiyikuphela.
Kodwa, bathandekayo, ningayikhohlwa lento eyodwa, ukuthi usuku olulodwa eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, neminyaka eyinkulungwane injengosuku olulodwa.