Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJobe 10:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngoba liyakhula. Uyangizingela njengebhubesi elinolaka, ubuye uzibonakalise ngokumangalisayo phezu kwami.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Nokuba bengiziphakamisa, ubuyakungizingela njengengonyama, ubuye uzenze omangalisayo kimi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Nokuba bengiziphakamisa, ubuyakungizingela njengengonyama, ubuye uzenze omangalisayo kimi.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJobe 10:16
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ubufihlelani ubuso bakho, ungivikele esitheni sakho, na?


Uyangidwengula ngolaka lwakhe, ongizondayo; ungigedlele amazinyo; isitha sami singigqolozele.


abenza izinto ezinkulu nezingenakuqondwa; izinto ezimangalisayo ezingenakubalwa:


Ngacabanga kwaze kwasa ukuthi uyawaphula onke amathambo ami njengengonyama; kusukela emini kuze kube sebusuku uyakungiqeda.


Ngakho ingonyama yasehlathini iyababulala, impisi yakusihlwa iyakubaphanga; ingwe iyakulinda imizi yabo, bonke abaphuma khona badwengulwe, ngokuba iziphambeko zabo nezinengiso zabo ziningi iyanda.


Kimi ubenjengebhere eliqamekeleyo, nanjengengonyama ecashile.


Ngokuba ngiyoba njengengonyama ku-Efrayimi nanjengebhongo lengonyama endlini kaJuda; nami ngiyakuklebhula, ngimuke; ngiyakususa, akakho oyomsindisa.


Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na? iNkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?


UJehova uyakwenza izinhlupho zakho zibe yisimangaliso, nezinhlupho zenzalo yakho zibe yizinhlupho ezinkulu, nezifo ezithatha isikhathi eside nezinzima, zibe zinde.