Bheka manje, inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, futhi ukhulise umusa wakho ongenzele wona kimi ngokusindisa ukuphila kwami; futhi anginakubalekela entabeni, funa ububi bungifike ngife.
UJobe 10:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Unginikile ukuphila nomusa, ukuhanjelwa kwakho kulonde umoya wami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungenzele ukuphila nomusa; ukungihambela kwakho kulondile umoya wami. IsiZulu 2020 Ungiphe impilo, wangenzela umusa, ukunginakekela kwakho kuwulondile umoya wami. |
Bheka manje, inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, futhi ukhulise umusa wakho ongenzele wona kimi ngokusindisa ukuphila kwami; futhi anginakubalekela entabeni, funa ububi bungifike ngife.
Ngalokho ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu, ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani; nomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila kakukhulu yini kunokudla, nomzimba kunesambatho?
Kakhonzwa ngezandla zabantu njengoswela ulutho, yena onika bonke ukuphila lokuphefumula lakho konke;
Ngokuba kuye siphila, siyanyakaza, sikhona; njengalokhu izimbongi ezithile zakini zishilo ukuthi: Ngokuba nathi siyinzalo yakhe.