Kwathi ngolunye usuku lapho amadodana kaNkulunkulu efika ukuma phambi kukaJehova, noSathane wafika phakathi kwawo ukuba ame phambi kukaJehova.
UJobe 1:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kukho konke lokhu uJobe akonanga futhi akamthukanga uNkulunkulu ngobuwula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kukho konke lokho uJobe akonanga, akamthelanga uNkulunkulu okubi. IsiZulu 2020 Sekwenzekile konke lokhu uJobe akazange one, akamthelanga ngehlazo uNkulunkulu. |
Kwathi ngolunye usuku lapho amadodana kaNkulunkulu efika ukuma phambi kukaJehova, noSathane wafika phakathi kwawo ukuba ame phambi kukaJehova.
Kepha wathi kuye: “Ukhuluma njengokukhuluma kwabesifazane abayiziwula.” Ini? siyakwamukela okuhle esandleni sikaNkulunkulu, singamukeli okubi na? Kukho konke lokhu uJobe akonanga ngomlomo wakhe.
Ngakho-ke ngilaleleni nina madoda anokuqonda! Kukude noNkulunkulu ukuthi ubengenza ububi; nokaSomandla, ukuba enze okubi.
Kukhona okuyize okwenzeka emhlabeni; ukuthi kukhona abantu abalungileyo okwenzeka kubo njengokwemisebenzi yababi; futhi, kukhona abantu ababi okwenzeka kubo njengokwemisebenzi yabalungileyo; Ngathi nalokhu kuyize.
Manje sithi babusisiwe abazidlayo; yebo, labo abenza ububi bayamiswa; yebo, labo abacela kuNkulunkulu bayakhululwa.
Kodwa wena muntu, ungubani wena ophendula ngoNkulunkulu? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: ‘Ungenzeleni kanjalo na?
Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni, ngokuba lapho esevivinyiwe uyakwamukeliswa umqhele wokuphila iNkosi ewuthembisile kwabayithandayo.
Kepha ukubekezela makuphelelise umsebenzi wako, ukuze nibe ngabaphelele nabaphelele, ningasweli lutho.
ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu;