Isithunywa esasiyembiza uMika sakhuluma kuye, sathi: “Bheka, amazwi abaprofethi ngamlomo munye ashumayela okuhle enkosini; izwi lakho malibe njengezwi lomunye wabo, ukhulume okuhle.
UJeremiya 8:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba bapholisa kancane ukulimala kwendodakazi yabantu bami ngokuthi: Ukuthula, ukuthula! lapho kungekho ukuthula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bapholisa kalula ukulimala kwendodakazi yabantu bami, bathi: “Ngukuthula, ngukuthula;” kepha akukho ukuthula. IsiZulu 2020 Belaphile kalula ukulimala kwendodakazi yabantu bami, bethi: “Ngukuthula, ngukuthula;” kube kungekho ukuthula. |
Isithunywa esasiyembiza uMika sakhuluma kuye, sathi: “Bheka, amazwi abaprofethi ngamlomo munye ashumayela okuhle enkosini; izwi lakho malibe njengezwi lomunye wabo, ukhulume okuhle.
Inkosi yakoIsrayeli yasibiza abaprofethi kungathi abantu abangamakhulu amane, yathi kubo: Ngiye yini eRamothi kwaGileyadi ngilwe, kumbe ngiyeke? Bathi: Yenyukani; ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.
Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Jehova! bheka, abaprofethi bathi kubo: Aniyikubona inkemba, futhi aniyikuba nendlala; kodwa ngiyakuninika ukuthula okuqinisekileyo kule ndawo.
Base bethi kwabangidelelayo: ‘UJehova wathi: Niyakuba nokuthula; bathi kuwo wonke umuntu ohamba ngobulukhuni benhliziyo yakhe: “Aniyikwehlelwa bubi.”
Futhi bapholisa kancane isilonda sendodakazi yabantu bami ngokuthi: Ukuthula, ukuthula! lapho kungekho ukuthula.
Besilindele ukuthula, kodwa akufikanga okuhle; futhi okwesikhathi sempilo, futhi bheka, kukhona usizi!
Abaprofethi bakho babone izinto eziyize neziwubuwula ngawe, futhi ababubonakalisanga ububi bakho ukuze banqande ukuthunjwa kwakho; kodwa ngakubona imithwalo yamanga lezinto zokudingiswa.
Ngoba niyidabukisile inhliziyo yolungileyo ngamanga, engingabadabukanga; futhi waqinisa izandla zomubi ukuze angabuyi endleleni yakhe embi ngokumthembisa ukuphila.
Uma ohamba ngomoya aqambe amanga ethi: ‘Ngiyakuprofetha kini ngewayini nangophuzo olunamandla; uzakuba ngumprofethi walababantu.
Ngokuba nxa bethi: Ukuthula nokulondeka; khona-ke ukubhujiswa okuzumayo kubehlele, njengomhelo phezu kowesifazane okhulelweyo; njalo kabayikuphunyuka.