Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJeremiya 3:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngathi emva kokwenza zonke lezi zinto: Phendukela kimi. Kodwa akabuyanga. Udadewabo okhohlisayo uJuda wakubona.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngathi uzakubuyela kimi esekwenzile konke lokhu, kodwa akabuyanga; udadewabo okhohlisayo, uJuda, wakubona.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngangicabanga ukuthi emva kokwenza zonke lezo zinto, uzobuyela kimi, kodwa akabuyanga. Nodadewabo uJuda okhohlisayo, ukubonile lokho.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJeremiya 3:7
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

kepha wafuna uJehova uNkulunkulu kayise, wahamba ngemiyalo yakhe, kungenjengokwenza kuka-Israyeli.


Uqinisile, Jehova, lapho ngiphikisana nawe; ake ngikhulume kuwe ngezahlulelo zakho: kungani indlela yababi iphumelela? kungani bejabula bonke abenza ngokukhohlisa na?


Aniboni yini ukuthi laba bantu bathini, bethi: Izizukulwane ezimbili uJehova azikhethile, waze wazilahla na? ngakho-ke babadelela abantu bami, ukuze bangabe besaba yisizwe phambi kwabo.


Ngokuba indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda bangikhohlisile kakhulu,” usho uJehova.


Udadewenu omkhulu uyiSamariya namadodakazi alo ahlala ngakwesobunxele sakho; udadewenu omncane ohlala ngakwesokunene sakho yiSodoma namadodakazi ayo.


Kodwa awuhambanga ngezindlela zabo, awenzanga njengezinengiso zabo, kepha kwaba sengathi kuyinto encane kakhulu, wonakala kunabo ezindleleni zakho zonke.


Abantu bami bavame ukumuka kimi; noma bebiza koPhezukonke, akekho oyomphakamisa.


O Israyeli, phendukela kuJehova uNkulunkulu wakho; ngoba uwile ebubini bakho.


Ngakho imizi emibili noma emithathu yazulazula emzini owodwa ukuyophuza amanzi; kepha abasutha; nokho aniphendukela kimi,” usho uJehova.


UJuda wenze ngokukhohlisa, futhi isinengiso senziwe kwa-Israyeli naseJerusalema; ngoba uJuda wangcolisa ubungcwele bukaJehova amthandayo, wathatha indodakazi kankulunkulu wezizweni.